1 Kuthimothewu 5:20-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Abonayo ubasole phambi kwabo bonke, ukuze nabanye besabe.

21. Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu nezingelosi ezikhethiweyo ukuba ulonde lezo zinto ngokungazinqumeli, ungenzi lutho ngokukhetha.

22. Ungasheshi ubeke izandla noma kubani, futhi ungahlanganyeli izono zabanye, uzigcine ube mhlophe.

23. Ungabe usaphuza amanzi odwa, kepha phuza iwayini eliyingcosana ngenxa yesisu sakho nobuthakathaka bakho obuvamileyo.

24. Izono zabanye abantu zisobala, zibandulela ekwahlulelweni; kepha abanye ziyabalandela.

25. Ngokunjalo nemisebenzi emihle isobala; naleyo engenjalo ingesitheke.

1 Kuthimothewu 5