1. Ungayikhaci indoda endala, kodwa yiyale njengoyihlo, namadoda amasha njengabafowenu,
2. abesifazane abadala njengawonyoko, nabesifazane abasha njengawodadewenu ngenhlanzeko epheleleyo.
3. Yazisa abafelokazi abangabafelokazi ngoqobo.
4. Kepha uma umfelokazi enabantwana noma enabazukulwane, labo-ke mabafunde kuqala ukuhlonipha indlu yakwabo, babuyisele okufaneleyo kubazali babo, ngokuba kuyabongeka lokho phambi kukaNkulunkulu.
5. Lowo ongumfelokazi ngoqobo osele eyedwa uthembele kuNkulunkulu, uhlala ekunxuseni nasekukhulekeni ubusuku nemini,
6. kepha lowo ozinikela ekutamaseni ufile esekhona.
7. Yala ngalezo zinto, ukuze bangabi nokusoleka.