9. ephethe imfihlakalo yokukholwa kunembeza omhlophe.
10. Nalabo mabaqale bahlolwe, andukuba babe ngamadiyakoni, uma bengasoleki.
11. Ngokunjalo nabesifazane mababe nesizotha, abangahlebi, abazithibayo, abathembekayo ezintweni zonke.
12. Amadiyakoni mawabe ngamadoda amfazi munye, abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo.
13. Ngokuba amadiyakoni akhonze kahle azizuzela ukuma kahle nesibindi esikhulu ekukholweni okukuKristu Jesu.