1 Kuthimothewu 2:6-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. owazinikela abe yinhlawulo yabo bonke, kube ngubufakazi besikhathi esiyiso,

7. engamiselwa khona mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli -- ngikhuluma iqiniso, angiqambi amanga -- yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.

8. Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.

9. Ngokunjalo nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bazihlobise ngokuhlonipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezalukiweyo, nangegolide, nangamaparele,* nangezambatho ezinemali eningi,

10. kepha njengokufanele abesifazane abashoyo ukuthi besaba uNkulunkulu bahlobe ngemisebenzi emihle.

11. Owesifazane makafunde ukuthula nokuthobeka konke.

12. Kepha angimvumeli owesifazane ukuba afundise, nokuba abuse phezu kwendoda; kodwa makazithulele.

13. Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, emva kwalokho u-Eva.

14. Futhi u-Adamu kakhohliswanga, kepha owesifazane wathi ekhohlisiwe, waphambuka;

15. kepha uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.

1 Kuthimothewu 2