1. UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngomyalo kaNkulunkulu uMsindisi wethu noKristu Jesu ithemba lethu,
2. kuThimothewu, umntanami ngesiminya ekukholweni: Makube kuwe umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.
3. Njengokuba ngakutshela mhla ngiya eMakedoniya ukuthi wohlala e-Efesu, ukuze uyale abathile ngokuthi bangafundisi okwahlukileyo,
4. futhi banganaki izinganekwane nezindaba zolibo olokuzalana ezingapheliyo, ezibanga ukuphikisana kunokuba ziqhube isimiso sikaNkulunkulu esisekukholweni, ngenza njalo namanje;