1. Ngakho ngiyawancenga amalunga aphakathi kwenu mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKristu, nomhlanganyeli wenkazimulo ezakwambulwa, ngithi:
2. Yalusani umhlambi kaNkulunkulu ophakathi kwenu, kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokwentando kaNkulunkulu, kungabi ngenxa yenzuzo eyihlazo kodwa ngenhliziyo evumayo,
3. kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi;
4. kuyakuthi, nxa esebonakaliswa uMalusi omkhulu, niyakuzuza umqhele wenkazimulo ongabuniyo.
5. Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
6. Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo,
7. niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
8. Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya;