1 Kapetru 4:4-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Bayamangala ngokungagijimeli kwenu kulowo msindo wokushinga kwabo, behlambalaza;

5. bayakuziphendulela kulowo olungele ukwahlulela abahambayo nabafileyo.

6. Ngokuba ngalokho ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni kepha baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.

7. Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke;

8. kunakho konke yibani nokuthandana okunganqamukiyo, ngokuba uthando lusibekela inqwaba yezono;

9. anongenisana ngenjabulo, ningakhononi,

10. nikhonzane, kube yilowo nalowo ngesipho asiphiweyo njengabaphathi abahle bomusa omninginingi kaNkulunkulu;

1 Kapetru 4