1 Kapetru 3:7-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.

8. Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,

9. ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.

10. “Ngokuba osuka ethanda ukuphilanokubona izinsuku ezinhle,makanqande ulimi lwakhe kokubi,nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,

11. adede ebubini, enze okuhle,afune ukuthula, akujonge,

12. ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”

13. Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na?

14. Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki,

15. kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,

16. kodwa kube ngobumnene nangokwesaba, nibe nonembeza omuhle, ukuze kuthi kulokho abanihleba ngakho bajabhiswe labo abathuka ukuhamba kwenu okuhle kuKristu.

17. Ngokuba kuhle ukuhlupheka ngokwenza okuhle, uma kuyintando kaNkulunkulu, kunokwenza okubi.

18. Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,

19. ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni

20. abakade bengalaleli, lapho ukubekezela kukaNkulunkulu kubalindele ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa, abasindiswa ngawo abayingcosana, okungukuthi abayisishiyagalombili ngawo amanzi;

1 Kapetru 3