1 Kapetru 3:4-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.

5. Ngokuba kade babezihlobisa kanjalo abesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo,

6. njengalokho uSara wamlalela u-Abrahama embiza ngokuthi inkosi, eningabantwana bakhe, uma nenza okuhle, ningesatshiswa nokukodwa okwesabisayo.

7. Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.

8. Okokugcina, manibe nhliziyonye nonke, nihawukelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka,

9. ningaphindisi okubi ngokubi nokuthuka ngokuthuka, kepha kakhulu manibusise, ngokuba nabizelwa lokho ukuba nidle ifa lokubusiswa.

10. “Ngokuba osuka ethanda ukuphilanokubona izinsuku ezinhle,makanqande ulimi lwakhe kokubi,nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso,

11. adede ebubini, enze okuhle,afune ukuthula, akujonge,

12. ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo,izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo,kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”

13. Pho, ubani onganilimaza, uma nishisekela okuhle na?

14. Kepha noma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe. Ningesabi ukwesabisa kwabo, ningakhathazeki,

15. kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,

1 Kapetru 3