3. Ukuhloba kwenu makungabi ngokungaphandle, okokwaluka izinwele, nokokufaka igolide, noma okokugqoka izingubo,
4. kepha makube ngumuntu osithekileyo wenhliziyo ohloba ngokungabhubhiyo komoya omnene onokuthula, okuyigugu phambi kukaNkulunkulu.
5. Ngokuba kade babezihlobisa kanjalo abesifazane abangcwele abamethembayo uNkulunkulu, bethobela amadoda abo,
6. njengalokho uSara wamlalela u-Abrahama embiza ngokuthi inkosi, eningabantwana bakhe, uma nenza okuhle, ningesatshiswa nokukodwa okwesabisayo.
7. Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.