1 Kapetru 1:18-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide,

19. kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala;

20. owaziwa phakade, izwe lingakasekelwa, kepha wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu

21. enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.

22. Senihlambululile imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso, nize nithande abazalwane ngokungazenzisi, thandanani ngokupheleleyo omunye nomunye ngenhliziyo,

1 Kapetru 1