1 Kapetru 1:14-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Njengabantwana abalalelayo ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu,

15. kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke,

16. ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

17. Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,

1 Kapetru 1