1 Kapetru 1:10-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ngayo leyo nsindiso babefunisisa bephenyisisa abaprofethi ababeprofetha ngomusa obuzakuza kinina,

11. bephenya ukuthi yisiphi nokuba sinjani isikhathi asikhombayo uMoya kaKristu owayekubo, efakaza ngaphambili ngezinhlupheko eziqondene noKristu nangenkazimulo eyakulandela zona;

12. abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.

13. Ngalokho zibopheni izinkalo zengqondo yenu, nizithibe, nethembe ngokupheleleyo umusa enizakuwabelwa ekwambulweni kukaJesu Kristu.

14. Njengabantwana abalalelayo ningalingisi izinkanuko zakuqala ekungazini kwenu,

15. kodwa njengowanibizayo engcwele, manibe ngcwele nani ekuhambeni konke,

16. ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Manibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele.”

17. Uma nimbiza ngokuthi Baba yena owahlulela yilowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi buso, anohamba ngokwesaba esikhathini sokuhlala kwenu ebufokazini,

18. nazi ukuthi anihlengwanga ekuhambeni kwenu okuyize enakunikezwa ngawoyihlo ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide,

19. kodwa ngegazi elinqabileyo likaKristu kungathi elewundlu elingenacala, elingenabala;

20. owaziwa phakade, izwe lingakasekelwa, kepha wabonakaliswa ngezikhathi zokugcina ngenxa yenu

21. enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.

1 Kapetru 1