Nguye lo oweza ngamanzi nangegazi, uJesu Kristu, kungengamanzi odwa kodwa ngamanzi nangegazi; noMoya ungofakazayo, ngokuba uMoya uyiqiniso.