1 Kajohane 2:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuba ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo;

2. yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke.

3. Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe.

4. Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye;

1 Kajohane 2