8. no-Ibineya indodana kaJerohamu, no-Ela ka-Uzi kaMikiri, noMeshulamu kaShefathiya kaRehuweli kaJibiniya,
9. nabafowabo ngezizukulwane zabo, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisihlanu nesithupha. Bonke labo bantu babe yizinhloko zezindlu zawoyise ngokwezindlu zawoyise.
10. Kubapristi: ngoJedaya, noJehoyaribi, noJakini,
11. no-Azariya kaHilikiya kaMeshulamu kaSadoki kaMerayoti ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu,
12. no-Adaya kaJerohamu kaPhashuri kaMalikhiya noMahasayi ka-Adiyeli kaJahizera kaMeshulamu kaMeshilemiti ka-Imeri,
13. nabafowabo, izinhloko zezindlu zawoyise, beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha, amadoda ahlakaniphile emsebenzini wenkonzo yasendlini kaNkulunkulu.
14. KumaLevi: nguShemaya kaHashubi ka-Azirikamu kaHashabiya kumadodana kaMerari,
15. noBakibakari, noHereshi, noGalali, noMathaniya kaMika kaZikiri ka-Asafa,
16. no-Obadiya kaShemaya kaGalali kaJeduthuni, noBerekiya ka-Asa ka-Elkana owahlala emizaneni yamaNethofa,
17. nabalindisango oShalumi, no-Akubi, noThalimoni, no-Ahimani, nabafowabo; uShalumi wayeyinhloko.