38. UMikiloti wazala uShimeyamu. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.
39. UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.
40. Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.
41. Amadodana kaMika: ngoPhithoni, noMeleki, noThareya, no-Ahazi.
42. U-Ahazi wazala uJara; uJara wazala o-Alemeti, no-Azimaveti, noZimri; uZimri wazala uMosa;
43. uMosa wazala uBineya; uRefaya wayeyindodana yakhe; ngu-Eleyasa indodana yakhe, ngu-Aseli indodana yakhe;
44. u-Aseli wayenamadodana ayisithupha; amagama awo yilawa: o-Azirikamu, noBokeru, no-Ishmayeli, noShehariya, no-Obadiya, noHanani; labo babe ngamadodana ka-Aseli.