26. ngokuba abalindi abane abakhulu ababe ngamaLevi babe sesikhundleni njalo, bephethe amakamelo nengcebo endlini kaNkulunkulu.
27. Bahlala ebusuku bezungeza indlu kaNkulunkulu, ngokuba kwakungokwabo ukuyilinda, kwakungokwabo futhi ukuyivula ekuseni imihla ngemihla.
28. Abanye babephethe izitsha zenkonzo, ngokuba zangeniswa ngokubalwa, zakhishwa ngokubalwa.
29. Abanye kubo babemiselwe impahla, nezitsha zonke zendlu engcwele, nempuphu, newayini, namafutha, nenhlaka, namakha.
30. Abanye bamadodana abapristi bagxoba amakha aba ngamafutha.
31. UMatithiya, omunye wamaLevi, owayeyizibulo likaShalumi umKorahi wayenesikhundla sokubheka izinto ezenziwa amakhanzini.
32. Abanye abafowabo bamadodana amaKohati babephethe izinkwa zokubukwa ukuba bazilungise onke amasabatha.
33. Kepha abanye, abahlabeleli, izinhloko zezindlu zawoyise zamaLevi, babe semakamelweni bekhululekile kokunye, ngokuba babe semsebenzini wabo imini nobusuku.
34. Labo babe yizinhloko zezindlu zawoyise bamaLevi, izinhloko ezizukulwaneni zabo, bahlala eJerusalema.
35. EGibeyoni kwahlala uyise kaGibeyoni uJehiyeli ogama lomkakhe lalinguMahakha,
36. nendodana yakhe eyizibulo u-Abidoni, kanye noSuri, noKishi, noBali, noNeri, noNadabi,
37. noGedori, no-Ahiyo, noZakariya, noMikiloti.
38. UMikiloti wazala uShimeyamu. Nabo bahlala nabafowabo eJerusalema malungana nabafowabo.
39. UNeri wazala uKishi; uKishi wazala uSawule; uSawule wazala oJonathani, noMaliki Shuwa, no-Abinadaba, no-Eshi Bali.
40. Indodana kaJonathani yayinguMeribi Bali; uMeribi Bali wazala uMika.