1 Izikronike 9:20-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. UFinehasi indodana ka-Eleyazare wayengumbusi phezu kwabo ngesikhathi esidlulileyo. UJehova wayenaye.

21. UZakariya indodana kaMeshelemiya wayengumlindisango etendeni lokuhlangana.

22. Bonke labo ababekhethiwe ukuba babe ngabalindisango babe ngamakhulu amabili neshumi nambili. Babhalwa ngezizukulwane emizaneni yabo, bamiswa ngoDavide noSamuweli umboni ezikhundleni zabo.

23. Bona nabantwana babo babephethe amasango endlu kaJehova, indlu yetende, belinda.

1 Izikronike 9