1 Izikronike 7:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Amadodana kaBela: ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amathathu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo.

8. Amadodana kaBekeri: ngoZemira, noJowashi, no-Eliyezeri, no-Eliyohenayi, no-Omri, noJeremoti, no-Abiya, no-Anathoti, no-Alemeti. Bonke labo babe ngamadodana kaBekeri.

9. Babhalwa ngezizukulwane zabo, beyizinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu amabili.

10. Amadodana kaJediyayeli: nguBilihani; amadodana kaBilihani: ngoJewushe, noBenjamini, no-Ehudi, noKhenahana, noZethani, noTharishishi, no-Ahishahari.

1 Izikronike 7