7. Amadodana kaBela: ngo-Esiboni, no-Uzi, no-Uziyeli, noJerimoti, no-Iri, beyisihlanu, izinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namashumi amathathu nane, bebhalwe ngezizukulwane zabo.
8. Amadodana kaBekeri: ngoZemira, noJowashi, no-Eliyezeri, no-Eliyohenayi, no-Omri, noJeremoti, no-Abiya, no-Anathoti, no-Alemeti. Bonke labo babe ngamadodana kaBekeri.
9. Babhalwa ngezizukulwane zabo, beyizinhloko zezindlu zawoyise, amaqhawe anamandla, beyizinkulungwane ezingamashumi amabili namakhulu amabili.
10. Amadodana kaJediyayeli: nguBilihani; amadodana kaBilihani: ngoJewushe, noBenjamini, no-Ehudi, noKhenahana, noZethani, noTharishishi, no-Ahishahari.