29. nangasemikhawulweni yabantwana bakwaManase iBeti Sheyani nemizana yalo, neThahanaki nemizana yalo, neMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo kwahlala abantwana bakaJosefa indodana ka-Israyeli.
30. Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo.
31. Amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli owayenguyise kaBirizayiti.
32. UHebere wazala oJafeleti, noShomeri, noHothamu, noShuwa udadewabo.
33. Amadodana kaJafeleti: ngoPhasaki, noBimihali, no-Ashivati. Labo babe ngabantwana bakaJafeleti.
34. Amadodana kaShemeri: ngo-Ahi, noRohiga, noJehuba, no-Aramu.
35. Amadodana kaHelemi umfowabo: ngoSofa, noJimna, noSheleshi, no-Amali.