1 Izikronike 7:23-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Wangena kumkakhe; wamitha, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uBeriya,* ngokuba indlu yakhe yayisengozini.

24. Indodakazi yakhe yayinguSheyera owakha iBeti Horoni laseNzansi nelaseNhla, ne-Uzeni Sheyera.

25. URefa wayeyindodana yakhe, noReshefi, noThela indodana yakhe, noThahani indodana yakhe,

26. noLadani indodana yakhe, no-Amihudi indodana yakhe, no-Elishama indodana yakhe,

1 Izikronike 7