1 Izikronike 7:21-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. noZabadi indodana yakhe, noShuthela indodana yakhe, no-Ezeri no-Eleyadi ababulawa ngabantu baseGati ababezelwe kulelo zwe, ngokuba behla ukuthatha izinkomo zabo.

22. U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza.

23. Wangena kumkakhe; wamitha, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uBeriya,* ngokuba indlu yakhe yayisengozini.

24. Indodakazi yakhe yayinguSheyera owakha iBeti Horoni laseNzansi nelaseNhla, ne-Uzeni Sheyera.

25. URefa wayeyindodana yakhe, noReshefi, noThela indodana yakhe, noThahani indodana yakhe,

26. noLadani indodana yakhe, no-Amihudi indodana yakhe, no-Elishama indodana yakhe,

27. noNuni indodana yakhe, noJoshuwa indodana yakhe.

28. Ifa labo nezindawo zabo zokuhlala kwakuyiBethele nemizana yalo, nangasempumalanga iNaharani, nangasentshonalanga iGezeri nemizana yalo, neShekemi nemizana yalo, kwaze kwaba se-Aya nemizana yalo;

29. nangasemikhawulweni yabantwana bakwaManase iBeti Sheyani nemizana yalo, neThahanaki nemizana yalo, neMegido nemizana yalo, neDori nemizana yalo. Kuleyo kwahlala abantwana bakaJosefa indodana ka-Israyeli.

30. Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo.

31. Amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli owayenguyise kaBirizayiti.

32. UHebere wazala oJafeleti, noShomeri, noHothamu, noShuwa udadewabo.

33. Amadodana kaJafeleti: ngoPhasaki, noBimihali, no-Ashivati. Labo babe ngabantwana bakaJafeleti.

34. Amadodana kaShemeri: ngo-Ahi, noRohiga, noJehuba, no-Aramu.

1 Izikronike 7