16. UMahakha umkaMakiri wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uPhereshi; igama lomfowabo lalinguShereshi; amadodana akhe ayengo-Ulamu noRakemi.
17. Amadodana ka-Ulamu: nguBedani. Labo babe ngamadodana kaGileyadi kaMakiri kaManase.
18. Udadewabo uHamoleketi wazala o-Ishihodi, no-Abiyezeri, noMahela.
19. Amadodana kaShemida ayengo-Ahiyani, noShekemi, noLikihi, no-Aniyamu.
20. Amadodana ka-Efrayimi: ngoShuthela, noBeredi indodana yakhe, noTahati indodana yakhe, no-Eleyada indodana yakhe, noTahati indodana yakhe,
21. noZabadi indodana yakhe, noShuthela indodana yakhe, no-Ezeri no-Eleyadi ababulawa ngabantu baseGati ababezelwe kulelo zwe, ngokuba behla ukuthatha izinkomo zabo.
22. U-Efrayimi uyise walila izinsuku eziningi; abafowabo beza ukumduduza.
23. Wangena kumkakhe; wamitha, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uBeriya,* ngokuba indlu yakhe yayisengozini.
24. Indodakazi yakhe yayinguSheyera owakha iBeti Horoni laseNzansi nelaseNhla, ne-Uzeni Sheyera.