65. Banika ngenkatho leyo mizi ebizwe ngamagama esizweni sabantwana bakwaJuda, nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni, nasesizweni sabantwana bakwaBenjamini.
66. Eminye imindeni yamadodana kaKohati yayinemizi yemikhawulo yayo esizweni sakwa-Efrayimi.
67. Bayinika imizi yokuphephela: iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi namadlelo alo, neGezeri namadlelo alo,
68. neJokimeyamu namadlelo alo, neBeti Horoni namadlelo alo,
69. ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo,
70. nasenxenyeni yesizwe sakwaManase i-Anere namadlelo alo, neBileyamu namadlelo alo, ibe ngeyomndeni oseleyo wamadodana kaKohati.
71. Amadodana kaGereshomu anikwa emndenini wenxenye yesizwe sakwaManase iGolanu, eBashani, namadlelo alo ne-Ashitaroti namadlelo alo;
72. nasesizweni sakwa-Isakare iKedeshi namadlelo alo, neDaberati namadlelo alo,
73. neRamoti namadlelo alo, ne-Anemi namadlelo alo;
74. nasesizweni sakwa-Asheri iMashali namadlelo alo, ne-Abidoni namadlelo alo,
75. neHukoki namadlelo alo, neRehobe namadlelo alo;