1 Izikronike 6:54-62 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

54. Lezi ziyizindawo zawo zokuhlala njengamakamu* awo emikhawulweni yawo: amadodana ka-Aroni emindeni yamaKohati ngokuba yiwona adliwa yinkatho yokuqala

55. wona bawanika iHebroni ezweni lakwaJuda namadlelo alizungezayo.

56. Kodwa amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKalebi, indodana kaJefune.

57. Banika amadodana ka-Aroni imizi yokuphephela, iHebroni neLibina namadlelo awo, neJatiri, ne-Eshitemowa namadlelo awo,

58. neHileni namadlelo alo, neDebiri namadlelo alo,

59. ne-Ashani namadlelo alo, neBetiShemeshi namadlelo alo,

60. nasesizweni sakwaBenjamini, iGeba namadlelo alo, ne-Alemeti namadlelo alo, ne-Anathoti namadlelo alo. Yonke imizi yawo ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu.

61. Amadodana aseleyo kaKohati anikwa ngenkatho emndenini wesizwe, enxenyeni yesizwe, inxenye kaManase, imizi eyishumi,

62. namadodana kaGereshomu ngemindeni yawo esizweni sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nasesizweni sakwaManase, eBashani, imizi eyishumi nantathu,

1 Izikronike 6