5. u-Abishuwa wazala uBuki; uBuki wazala u-Uzi;
6. u-Uzi wazala uZeraya; uZeraya wazala uMerayoti;
7. uMerayoti wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;
8. u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala u-Ahimahasi;
9. u-Ahimahasi wazala u-Azariya; u-Azariya wazala uJohanani;
10. uJohanani wazala u-Azariya; nguye owayengumpristi ethempelini elakhiwa nguSolomoni eJerusalema;
11. u-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;
12. u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala uShalumi;
13. uShalumi wazala uHilikiya; uHilikiya wazala u-Azariya;
14. u-Azariya wazala uSeraya; uSeraya wazala uJehosadaki;
15. kepha uJehosadaki wamuka lapho uJehova ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukadinesari.
16. Amadodana kaLevi: ngoGereshomu, noKohati, noMerari.
17. Nanka amagama amadodana kaGereshomu: oLibini noShimeyi.
18. Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli.
19. Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Nansi imindeni yamaLevi njengezindlu zawoyise:
20. abakwaGereshomu: nguLibini indodana yakhe, noJahati indodana yakhe, noZima indodana yakhe,
21. noJowa indodana yakhe, no-Ido indodana yakhe, noZera indodana yakhe, noJewatherayi indodana yakhe.
22. Amadodana kaKohati: ngu-Amindaba indodana yakhe, noKora indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe,
23. no-Elkana indodana yakhe, no-Ebiyasafa indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe,