48. Abafowabo amaLevi banikelelwa yonke inkonzo yetabernakele* lendlu kaNkulunkulu.
49. Kepha u-Aroni namadodana akhe bashiya iminikelo e-altare leminikelo yokushiswa nase-altare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela u-Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.
50. Nanka amadodana ka-Aroni: u-Eleyazare indodana yakhe, noFinehasi indodana yakhe, no-Abishuwa indodana yakhe,
51. noBuki indodana yakhe, no-Uzi indodana yakhe, noZeraya indodana yakhe,
52. noMerayoti indodana yakhe, no-Amariya indodana yakhe, no-Ahithubi indodana yakhe,
53. noSadoki indodana yakhe, no-Ahimahasi indodana yakhe.
54. Lezi ziyizindawo zawo zokuhlala njengamakamu* awo emikhawulweni yawo: amadodana ka-Aroni emindeni yamaKohati ngokuba yiwona adliwa yinkatho yokuqala
55. wona bawanika iHebroni ezweni lakwaJuda namadlelo alizungezayo.
56. Kodwa amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKalebi, indodana kaJefune.
57. Banika amadodana ka-Aroni imizi yokuphephela, iHebroni neLibina namadlelo awo, neJatiri, ne-Eshitemowa namadlelo awo,