40. kaMikayeli kaBahaseya kaNalikhiya
41. ka-Ethini kaZera ka-Adaya
42. ka-Ethani kaZima kaShimeyi
43. kaJahati kaGereshomu kaLevi.
44. Amadodana kaMerari abafowabo ayengakwesokunene: ngu-Ethani kaKishi ka-Abidi kaMaluki
45. kaHashabiya ka-Amasiya kaHilikiya
46. ka-Amisi kaBani kaShemeri
47. kaMaheli kaMushi kaMerari kaLevi.
48. Abafowabo amaLevi banikelelwa yonke inkonzo yetabernakele* lendlu kaNkulunkulu.
49. Kepha u-Aroni namadodana akhe bashiya iminikelo e-altare leminikelo yokushiswa nase-altare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela u-Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.
50. Nanka amadodana ka-Aroni: u-Eleyazare indodana yakhe, noFinehasi indodana yakhe, no-Abishuwa indodana yakhe,
51. noBuki indodana yakhe, no-Uzi indodana yakhe, noZeraya indodana yakhe,
52. noMerayoti indodana yakhe, no-Amariya indodana yakhe, no-Ahithubi indodana yakhe,
53. noSadoki indodana yakhe, no-Ahimahasi indodana yakhe.