1 Izikronike 6:40-53 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

40. kaMikayeli kaBahaseya kaNalikhiya

41. ka-Ethini kaZera ka-Adaya

42. ka-Ethani kaZima kaShimeyi

43. kaJahati kaGereshomu kaLevi.

44. Amadodana kaMerari abafowabo ayengakwesokunene: ngu-Ethani kaKishi ka-Abidi kaMaluki

45. kaHashabiya ka-Amasiya kaHilikiya

46. ka-Amisi kaBani kaShemeri

47. kaMaheli kaMushi kaMerari kaLevi.

48. Abafowabo amaLevi banikelelwa yonke inkonzo yetabernakele* lendlu kaNkulunkulu.

49. Kepha u-Aroni namadodana akhe bashiya iminikelo e-altare leminikelo yokushiswa nase-altare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela u-Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.

50. Nanka amadodana ka-Aroni: u-Eleyazare indodana yakhe, noFinehasi indodana yakhe, no-Abishuwa indodana yakhe,

51. noBuki indodana yakhe, no-Uzi indodana yakhe, noZeraya indodana yakhe,

52. noMerayoti indodana yakhe, no-Amariya indodana yakhe, no-Ahithubi indodana yakhe,

53. noSadoki indodana yakhe, no-Ahimahasi indodana yakhe.

1 Izikronike 6