1 Izikronike 6:26-44 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. U-Elkana-ke, amadodana ka-Elkana: nguSofayi indodana yakhe, noNahati indodana yakhe,

27. no-Eliyabe indodana yakhe, noJerohamu indodana yakhe, no-Elkana indodana yakhe.

28. Amadodana kaSamuweli: izibulo nguJoweli, nowesibili ngu-Abiya.

29. Amadodana kaMerari: ngoMaheli, noLibini indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe, no-Uza indodana yakhe,

30. noShimeya indodana yakhe, noHagiya indodana yakhe, no-Asaya indodana yakhe.

31. Nampa uDavide abamisela ukuhola ukuhlabelela endlini kaJehova, umphongolo usubekiwe khona.

32. Bakhonza ngokuhlabelela phambi kwetabernakele* letende lokuhlangana, uSolomoni waze wakha indlu kaJehova eJerusalema. Bema emsebenzini wabo njengomthetho wabo.

33. Yilaba ababemi namadodana abo: kumadodana amaKohati: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli kaSamuweli

34. ka-Elkana kaJerohamu ka-Eliyeli kaThowa

35. kaSufi ka-Elkana kaMahati ka-Amasayi

36. ka-Elkana kaJoweli ka-Azariya kaZefaniya

37. kaThati ka-Asiri ka-Ebiyasafa kaKora

38. kaJisihari kaKohati kaLevi ka-Israyeli;

39. futhi umfowabo u-Asafa owayemi ngakwesokunene sakhe, u-Asafa kaBerekiya kaShimeya

40. kaMikayeli kaBahaseya kaNalikhiya

41. ka-Ethini kaZera ka-Adaya

42. ka-Ethani kaZima kaShimeyi

43. kaJahati kaGereshomu kaLevi.

44. Amadodana kaMerari abafowabo ayengakwesokunene: ngu-Ethani kaKishi ka-Abidi kaMaluki

1 Izikronike 6