1 Izikronike 6:26-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. U-Elkana-ke, amadodana ka-Elkana: nguSofayi indodana yakhe, noNahati indodana yakhe,

27. no-Eliyabe indodana yakhe, noJerohamu indodana yakhe, no-Elkana indodana yakhe.

28. Amadodana kaSamuweli: izibulo nguJoweli, nowesibili ngu-Abiya.

29. Amadodana kaMerari: ngoMaheli, noLibini indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe, no-Uza indodana yakhe,

30. noShimeya indodana yakhe, noHagiya indodana yakhe, no-Asaya indodana yakhe.

31. Nampa uDavide abamisela ukuhola ukuhlabelela endlini kaJehova, umphongolo usubekiwe khona.

1 Izikronike 6