22. Amadodana kaKohati: ngu-Amindaba indodana yakhe, noKora indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe,
23. no-Elkana indodana yakhe, no-Ebiyasafa indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe,
24. noTathi indodana yakhe, no-Uriyeli indodana yakhe, no-Uziya indodana yakhe, noShawule indodana yakhe.
25. Amadodana ka-Elkana: ngo-Amasayi no-Ahimoti.
26. U-Elkana-ke, amadodana ka-Elkana: nguSofayi indodana yakhe, noNahati indodana yakhe,
27. no-Eliyabe indodana yakhe, noJerohamu indodana yakhe, no-Elkana indodana yakhe.
28. Amadodana kaSamuweli: izibulo nguJoweli, nowesibili ngu-Abiya.