1 Izikronike 6:15-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. kepha uJehosadaki wamuka lapho uJehova ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukadinesari.

16. Amadodana kaLevi: ngoGereshomu, noKohati, noMerari.

17. Nanka amagama amadodana kaGereshomu: oLibini noShimeyi.

18. Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli.

19. Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Nansi imindeni yamaLevi njengezindlu zawoyise:

20. abakwaGereshomu: nguLibini indodana yakhe, noJahati indodana yakhe, noZima indodana yakhe,

21. noJowa indodana yakhe, no-Ido indodana yakhe, noZera indodana yakhe, noJewatherayi indodana yakhe.

22. Amadodana kaKohati: ngu-Amindaba indodana yakhe, noKora indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe,

23. no-Elkana indodana yakhe, no-Ebiyasafa indodana yakhe, no-Asiri indodana yakhe,

24. noTathi indodana yakhe, no-Uriyeli indodana yakhe, no-Uziya indodana yakhe, noShawule indodana yakhe.

25. Amadodana ka-Elkana: ngo-Amasayi no-Ahimoti.

26. U-Elkana-ke, amadodana ka-Elkana: nguSofayi indodana yakhe, noNahati indodana yakhe,

27. no-Eliyabe indodana yakhe, noJerohamu indodana yakhe, no-Elkana indodana yakhe.

28. Amadodana kaSamuweli: izibulo nguJoweli, nowesibili ngu-Abiya.

29. Amadodana kaMerari: ngoMaheli, noLibini indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe, no-Uza indodana yakhe,

30. noShimeya indodana yakhe, noHagiya indodana yakhe, no-Asaya indodana yakhe.

31. Nampa uDavide abamisela ukuhola ukuhlabelela endlini kaJehova, umphongolo usubekiwe khona.

32. Bakhonza ngokuhlabelela phambi kwetabernakele* letende lokuhlangana, uSolomoni waze wakha indlu kaJehova eJerusalema. Bema emsebenzini wabo njengomthetho wabo.

33. Yilaba ababemi namadodana abo: kumadodana amaKohati: nguHemani, umhlabeleli, kaJoweli kaSamuweli

34. ka-Elkana kaJerohamu ka-Eliyeli kaThowa

1 Izikronike 6