1 Izikronike 6:10-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. uJohanani wazala u-Azariya; nguye owayengumpristi ethempelini elakhiwa nguSolomoni eJerusalema;

11. u-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;

12. u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala uShalumi;

13. uShalumi wazala uHilikiya; uHilikiya wazala u-Azariya;

14. u-Azariya wazala uSeraya; uSeraya wazala uJehosadaki;

15. kepha uJehosadaki wamuka lapho uJehova ethumba uJuda neJerusalema ngesandla sikaNebukadinesari.

16. Amadodana kaLevi: ngoGereshomu, noKohati, noMerari.

17. Nanka amagama amadodana kaGereshomu: oLibini noShimeyi.

18. Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli.

19. Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Nansi imindeni yamaLevi njengezindlu zawoyise:

20. abakwaGereshomu: nguLibini indodana yakhe, noJahati indodana yakhe, noZima indodana yakhe,

21. noJowa indodana yakhe, no-Ido indodana yakhe, noZera indodana yakhe, noJewatherayi indodana yakhe.

1 Izikronike 6