1 Izikronike 6:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.

2. Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli.

3. Abantwana bakwa-Amramu: ngo-Aroni, noMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.

4. U-Eleyazare wazala uFinehasi; uFinehasi wazala u-Abishuwa;

5. u-Abishuwa wazala uBuki; uBuki wazala u-Uzi;

6. u-Uzi wazala uZeraya; uZeraya wazala uMerayoti;

7. uMerayoti wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;

8. u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala u-Ahimahasi;

9. u-Ahimahasi wazala u-Azariya; u-Azariya wazala uJohanani;

10. uJohanani wazala u-Azariya; nguye owayengumpristi ethempelini elakhiwa nguSolomoni eJerusalema;

11. u-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;

12. u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala uShalumi;

13. uShalumi wazala uHilikiya; uHilikiya wazala u-Azariya;

1 Izikronike 6