1. Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.
2. Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli.
3. Abantwana bakwa-Amramu: ngo-Aroni, noMose, noMiriyamu. Amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.
4. U-Eleyazare wazala uFinehasi; uFinehasi wazala u-Abishuwa;
5. u-Abishuwa wazala uBuki; uBuki wazala u-Uzi;
6. u-Uzi wazala uZeraya; uZeraya wazala uMerayoti;
7. uMerayoti wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;
8. u-Ahithubi wazala uSadoki; uSadoki wazala u-Ahimahasi;
9. u-Ahimahasi wazala u-Azariya; u-Azariya wazala uJohanani;
10. uJohanani wazala u-Azariya; nguye owayengumpristi ethempelini elakhiwa nguSolomoni eJerusalema;
11. u-Azariya wazala u-Amariya; u-Amariya wazala u-Ahithubi;