15. u-Ahi ka-Abidiyeli kaGuni wayeyinhloko yezindlu zawoyise.
16. Bahlala kwaGileyadi eBashani nasemizini yalo nasemadlelweni onke aseSharoni kwaze kwaba semikhawulweni yawo.
17. Bonke labo babhalwa ngezizukulwane zabo emihleni kaJothamu inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli.
18. Amadodana kaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, amadoda anamandla, amadoda aphatha ihawu nenkemba, ansala umnsalo, ayefunde ukulwa, ayeyizinkulungwane ezingamashumi amane nane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha aphuma impi.
19. Aphaka impi kumaHagiri, noJeturu, noNafishi, noNodabi.
20. Asizwa ekulweni nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababe nawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngokuba ayemethemba.
21. Asusa izinkomo zabo, namakamela ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, nezimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nezimbongolo eziyizinkulungwane ezimbili, nabantu abayizinkulungwane eziyikhulu.
22. Ngokuba kwawa abaningi befile, lokhu impi yayingekaNkulunkulu. Ahlala esikhundleni sabo aze athunjwa.
23. Abantwana benxenye yesizwe sakwaManase bahlala kulelo zwe, kusukela eBashani kuze kube seBali Hermoni naseSeniri nasentabeni yaseHermoni.
24. Nazi izinhloko zezindlu zawoyise: o-Eferi, no-Ishi, no-Eliyeli, no-Aziriyeli, noJeremiya, noHodaviya, noJahidiyeli, amaqhawe anamandla, amadoda anegama, izinhloko zezindlu zawoyise.
25. Kepha baphambuka kuNkulunkulu wawoyise, balandela ngokuphinga onkulunkulu babantu balelo zwe, uNkulunkulu abachithayo phambi kwabo.
26. UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli inkosi yase-Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wabathumba: abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGozani kuze kube namuhla.