3. owesihlanu nguShefathiya ku-Abithali; owesithupha ngu-Itereyamu ku-Egila umkakhe.
4. Wazalelwa ayisithupha eHebroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu.
5. Yilaba azalelwa bona eJerusalema: ngoShimeya, noShobabi, noNathani, noSolomoni, bebane, kuBati Shuwa indodakazi ka-Amiyeli,
6. noJibari, no-Elishama, no-Elifeleti,
7. noNoga, noNefegi, noJafiya,
8. no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti, beyisishiyagalolunye.
9. Bonke labo babe ngamadodana kaDavide ngaphandle kwamadodana ezancinza; uTamari wayengudadewabo.
10. Indodana kaSolomoni yayinguRehobowamu; ngu-Abiya indodana yakhe; ngu-Asa indodana yakhe; nguJehoshafati indodana yakhe;
11. nguJoramu indodana yakhe; ngu-Ahaziya indodana yakhe; nguJowashi indodana yakhe;
12. ngu-Amasiya indodana yakhe; ngu-Azariya indodana yakhe; nguJothamu indodana yakhe;