1 Izikronike 3:12-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. ngu-Amasiya indodana yakhe; ngu-Azariya indodana yakhe; nguJothamu indodana yakhe;

13. ngu-Ahazi indodana yakhe; nguHezekiya indodana yakhe; nguManase indodana yakhe;

14. ngu-Amoni indodana yakhe; nguJosiya indodana yakhe.

15. Amadodana kaJosiya: izibulo nguJohanani; owesibili nguJehoyakimi; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi.

16. Amadodana kaJehoyakimi: nguJekoniya indodana yakhe noSedekiya indodana yakhe.

17. Amadodana kaJekoniya umthunjwa: ngoSheyalitiyeli indodana yakhe,

18. noMalikiramu, noPhedaya, noShenasari, noJekamiya, noHoshama, noNedabiya.

19. Amadodana kaPhedaya: ngoZerubabele noShimeyi; amadodana kaZerubabele: ngoMeshulamu noHananiya uShelomiti wayengudadewabo

20. noHashuba, no-Oheli, noBerekiya, noHasadiya, noJushabi Hesedi, beyisihlanu.

21. Amadodana kaHananiya: ngoPhelathiya, noJeshaya, namadodana kaRefaya, namadodana ka-Arinani, namadodana ka-Obadiya, namadodana kaShekaniya.

22. Amadodana kaShekaniya: nguShemaya; amadodana kaShemaya: ngoHathushi, no-Igali, noBariya, noNehariya, noShafati, beyisithupha.

23. Amadodana kaNehariya: ngo-Eliyohenayi, noHezekiya, no-Azirikamu, bebathathu.

1 Izikronike 3