1 Izikronike 3:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Laba babe ngamadodana kaDavide azalelwa wona eHebroni: izibulo ngu-Amnoni ku-Ahinohama umHizreyelikazi; owesibili nguDaniyeli ku-Abigayili umKarmelikazi;

2. owesithathu ngu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimayi inkosi yaseGeshuri; owesine ngu-Adoniya indodana kaHagiti;

3. owesihlanu nguShefathiya ku-Abithali; owesithupha ngu-Itereyamu ku-Egila umkakhe.

4. Wazalelwa ayisithupha eHebroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu.

5. Yilaba azalelwa bona eJerusalema: ngoShimeya, noShobabi, noNathani, noSolomoni, bebane, kuBati Shuwa indodakazi ka-Amiyeli,

6. noJibari, no-Elishama, no-Elifeleti,

7. noNoga, noNefegi, noJafiya,

8. no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti, beyisishiyagalolunye.

1 Izikronike 3