1 Izikronike 29:24-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Zonke izikhulu, namaqhawe, nawo onke amadodana enkosi uDavide bazithoba phansi kukaSolomoni inkosi.

25. UJehova wamkhulisa uSolomoni kakhulu emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli, wamnika udumo lobukhosi olungazange lube khona nakuyiphi inkosi yakwa-Israyeli phambi kwakhe.

26. UDavide indodana kaJese wayebusile phezu kwabo bonke abakwa-Israyeli.

27. Isikhathi abusa ngaso phezu kuka-Israyeli sasiyiminyaka engamashumi amane; iminyaka eyisikhombisa wabusa eHebroni, nengamashumi amathathu nantathu wabusa eJerusalema.

28. Wafa esemdala, esanelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

29. Izenzo zikaDavide inkosi, ezokuqala nezokugcina, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zikaSamuweli umboni, nasencwadini yezindaba zikaNathani umprofethi, nasencwadini yezindaba zikaGadi umboni,

1 Izikronike 29