1 Izikronike 28:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UDavide wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli, izikhulu zezizwe, nezinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, nezinduna zendlunkulu, namaqhawe, nawo onke amadoda anamandla eJerusalema.

2. UDavide inkosi wayesema ngezinyawo, wathi: “Ngizweni, bafowethu nabantu bakwethu: mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela umphongolo wesivumelwano sikaJehova indlu yokuphumula neyesenabelo sikaNkulunkulu wethu; ngangizilungiselele ukwakha.

3. Kepha wayesethi uNkulunkulu kimi: ‘Awuyikwakhela igama lami indlu, ngokuba uyindoda yempi, uchithile igazi.’

4. “Kodwa uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wangikhetha endlini yonke kababa ukuba ngibe yinkosi kwa-Israyeli kuze kube phakade; ngokuba ukhethile uJuda ukuba abe ngumbusi, nasendlini kaJuda indlu kababa, naphakathi kwamadodana kababa wangenamela mina ukuba angibeke inkosi kwa-Israyeli wonke,

5. nasemadodaneni ami onke, ngokuba uJehova ungiphe amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni indodana yami ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaJehova kwa-Israyeli.

6. Wathi kimi: ‘USolomoni indodana yakho nguye oyakwakha indlu yami namagceke ami, ngokuba ngimkhethile ukuba abe yindodana yami, mina ngibe nguyise.

1 Izikronike 28