1. UDavide wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli, izikhulu zezizwe, nezinduna zezigaba ezazikhonza inkosi, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zayo yonke imfuyo yenkosi neyamadodana ayo, nezinduna zendlunkulu, namaqhawe, nawo onke amadoda anamandla eJerusalema.
2. UDavide inkosi wayesema ngezinyawo, wathi: “Ngizweni, bafowethu nabantu bakwethu: mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela umphongolo wesivumelwano sikaJehova indlu yokuphumula neyesenabelo sikaNkulunkulu wethu; ngangizilungiselele ukwakha.
3. Kepha wayesethi uNkulunkulu kimi: ‘Awuyikwakhela igama lami indlu, ngokuba uyindoda yempi, uchithile igazi.’