1 Izikronike 27:30-34 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. u-Obili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakamela; uJehedeya umMeronoti wayephethe izimbongolo;

31. uJazizi umHagiri wayephethe izimvu. Bonke labo babe yizinduna zemfuyo yenkosi uDavide.

32. UJonathani, uyisekazi kaDavide, wayengumluleki, wayengumuntu ohlakaniphileyo nombhali; uJehiyeli indodana kaHakimoni wayenamadodana enkosi;

33. u-Ahithofeli wayengumluleki wenkosi; uHushayi umArki wayengumngane wenkosi;

34. emva kuka-Ahithofeli kwakunguJehoyada indodana kaBenaya no-Abiyathara; uJowabe wayeyinduna yempi yenkosi.

1 Izikronike 27