1 Izikronike 27:20-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. kubantwana bakwa-Efrayimi nguHosheya indodana ka-Azaziya; enxenyeni yesizwe sakwaManase nguJoweli indodana kaPhedaya;

21. enxenyeni kaManase wakwaGileyadi ngu-Ido indodana kaZakariya; kuBenjamini nguJahasiyeli indodana ka-Abineri;

22. kuDani ngu-Azareli indodana kaJerohamu. Yilabo ababe yizinduna zezizwe zakwa-Israyeli.

23. Kepha uDavide akabalanga umumo waba neminyaka engamashumi amabili nabangaphansi, ngokuba uJehova wayeshilo ukuthi uyakwandisa u-Israyeli ukuba abe ngangezinkanyezi zezulu.

24. UJowabe indodana kaSeruya waqala ukubala, kepha akaqedanga; kwaba khona ulaka ngalokho phezu kuka-Israyeli, nomumo awufakwanga encwadini yezindaba zemihla ngemihla yenkosi uDavide.

25. U-Azimaveti indodana ka-Adiyeli wayephethe ingcebo yenkosi; uJonathani indodana ka-Uziya wayephethe izinto emasimini, nasemizini, nasemizaneni, nasezinqabeni;

26. u-Eziri indodana kaKelubi wayephethe abenza umsebenzi wasendle wokulima umhlabathi;

27. uShimeyi waseRama wayephethe izivini; uZabidi waseShefamu wayephethe iwayini elibekelelweyo lithathwe ezivinini;

28. uBali Hanani umGederi wayephethe iminqumo nemikhiwane eyayisehlanzeni; uJowashi wayephethe imigodi yamafutha;

29. imihlambi eyayiklaba eSharoni yayiphethwe nguShitirayi umSharoni, nemihlambi eyayisezigodini yayiphethwe nguShafati indodana ka-Adilayi;

30. u-Obili wakwa-Ishmayeli wayephethe amakamela; uJehedeya umMeronoti wayephethe izimbongolo;

1 Izikronike 27