11. Eyesishiyagalombili ngenyanga yesishiyagalombili kwakunguSibekayi umHushati kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
12. Eyesishiyagalolunye ngenyanga yesishiyagalolunye kwakungu-Abiyezeri umAnathoti wabakwaBenjamini; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
13. Eyeshumi ngenyanga yeshumi kwakunguMaharayi waseNethofa kumaZera; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
14. Eyeshumi nanye ngenyanga yeshumi nanye kwakunguBenaya umPirathoni wabantwana bakwa-Efrayimi; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
15. Eyeshumi nambili ngenyanga yeshumi nambili kwakunguHelidayi waseNethofa ka-Otheniyeli; esigabeni sakhe kwakukhona izinkulungwane ezingamashumi amabili nane.
16. Phezu kwezizwe zakwa-Israyeli kwakuyilaba: kwabakwaRubeni u-Eliyazeri indodana kaZikiri wayengumbusi; kwabakwaSimeyoni nguShefathiya indodana kaMahakha;