7. Amadodana kaShemaya: ngo-Othini, noRefayeli, no-Obede, no-Elizabadi, nabafowabo ababe ngamadoda anamandla, o-Elihu noSemakiya.
8. Bonke labo babe ngamadodana ka-Obede Edomi, bona namadodana abo nabafowabo, amadoda aqinileyo anamandla enkonzweni, engamashumi ayisithupha nambili ka-Obede Edomi.
9. UMeshelemiya wayenamadodana nabafowabo, amadoda anamandla, eyishumi nesishiyagalombili.
10. Naye uHosa wabantwana bakwaMerari wayenamadodana: nguShimri inhloko noma wayengesilo izibulo, uyise wambeka waba yinhloko
11. noHilikiya owesibili, noThebaliya owesithathu, noZakariya owesine; onke amadodana nabafowabo bakaHosa babe yishumi nantathu.
12. Lezo zigaba zabalindisango, izinhloko zabantu, zaba nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova.
13. Benza inkatho yesango ngesango, omncane njengomkhulu, ngezindlu zawoyise.