1 Izikronike 26:5-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. no-Amiyeli owesithupha, no-Isakare owesikhombisa, noPhewuletayi owesishiyagalombili, ngokuba uNkulunkulu wambusisa.

6. Naye uShemaya indodana yakhe wazalelwa amadodana ayebusa indlu kayise, ngokuba ayengamaqhawe anamandla.

7. Amadodana kaShemaya: ngo-Othini, noRefayeli, no-Obede, no-Elizabadi, nabafowabo ababe ngamadoda anamandla, o-Elihu noSemakiya.

8. Bonke labo babe ngamadodana ka-Obede Edomi, bona namadodana abo nabafowabo, amadoda aqinileyo anamandla enkonzweni, engamashumi ayisithupha nambili ka-Obede Edomi.

9. UMeshelemiya wayenamadodana nabafowabo, amadoda anamandla, eyishumi nesishiyagalombili.

10. Naye uHosa wabantwana bakwaMerari wayenamadodana: nguShimri inhloko noma wayengesilo izibulo, uyise wambeka waba yinhloko

11. noHilikiya owesibili, noThebaliya owesithathu, noZakariya owesine; onke amadodana nabafowabo bakaHosa babe yishumi nantathu.

12. Lezo zigaba zabalindisango, izinhloko zabantu, zaba nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova.

13. Benza inkatho yesango ngesango, omncane njengomkhulu, ngezindlu zawoyise.

14. Inkatho yasempumalanga yadla uShelemiya. Base benza inkatho ngoZakariya indodana yakhe, umluleki ohlakaniphileyo; wadliwa yinkatho yasenyakatho.

1 Izikronike 26