15. Eyaseningizimu yadla u-Obede Edomi namadodana akhe ukulinda inqolobane,
16. eyasentshonalanga oShuphimi noHosa ngasesangweni laseShaleketi, ngasemendweni owenyukayo, abalindi ngabalindi.
17. Ngasempumalanga ayekhona amaLevi ayisithupha, ngasenyakatho emane ngosuku, ngaseningizimu emane ngosuku, nasenqolobaneni emabili ngamabili.
18. EParibari ngasentshonalanga ayemane emendweni, naseParibari uqobo ayemabili.
19. Yilezo ezaziyizigaba zabalindisango emadodaneni amaKorahi nasemadodaneni kaMerari.
20. KumaLevi u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.
21. Amadodana kaLadani, amadodana kaGereshoni akwaLadani, izinhloko zawoyise zakwaLadani umGereshoni, amaJehiyeli,
22. amadodana amaJehiyeli, oZethamu noJoweli umfowabo, ayephethe ingcebo endlini kaJehova.
23. Kuma-Amramu, nakumaJisihari, nakumaHebroni, nakuma-Uziyeli,
24. uShebuweli indodana kaGereshomu kaMose wayengumphathisikhwama.
25. Abafowabo: ku-Eliyezeri: nguRehabiya indodana yakhe, noJeshaya indodana yakhe, noJoramu indodana yakhe, noZikiri indodana yakhe, noShelomoti indodana yakhe.
26. Yena uShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezangcweliswa nguDavide inkosi, nezinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi.
27. Empini nasempangweni bakungcwelisela ukulungisa indlu kaJehova,
28. kanye nakho konke uSamuweli umboni, noSawule indodana kaKishi, no-Abineri indodana kaNeri, noJowabe indodana kaSeruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile, kwaba phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.
29. KumaJisihari uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwa-Israyeli, beyizinduna nabahluleli.
30. KumaHebroni uHashabiya nabafowabo, amaqhawe anamandla, beyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa, babe ngababonisi kwa-Israyeli phesheya kweJordani ngasentshonalanga emsebenzini wonke kaJehova nasenkonzweni yenkosi.
31. KumaHebroni uJeriya wayeyinhloko, kumaHebroni njengezizukulwane zawo ngezindlu zawoyise. Ngomnyaka wamashumi amane wokubusa kukaDavide kwafunwa, kwafunyanwa phakathi kwawo amaqhawe anamandla eJazeri kwaGileyadi.
32. Abafowabo, amaqhawe anamandla, babe yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisikhombisa, izinhloko zawoyise, ezenziwa ababonisi phezu kwabakwaRubeni nabakwaGadi nenxenye yesizwe sabakwaManase ezindabeni zonke zikaNkulunkulu nasezindabeni zenkosi.