1 Izikronike 26:10-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Naye uHosa wabantwana bakwaMerari wayenamadodana: nguShimri inhloko noma wayengesilo izibulo, uyise wambeka waba yinhloko

11. noHilikiya owesibili, noThebaliya owesithathu, noZakariya owesine; onke amadodana nabafowabo bakaHosa babe yishumi nantathu.

12. Lezo zigaba zabalindisango, izinhloko zabantu, zaba nemfanelo yazo njengabafowabo ukukhonza endlini kaJehova.

13. Benza inkatho yesango ngesango, omncane njengomkhulu, ngezindlu zawoyise.

14. Inkatho yasempumalanga yadla uShelemiya. Base benza inkatho ngoZakariya indodana yakhe, umluleki ohlakaniphileyo; wadliwa yinkatho yasenyakatho.

15. Eyaseningizimu yadla u-Obede Edomi namadodana akhe ukulinda inqolobane,

16. eyasentshonalanga oShuphimi noHosa ngasesangweni laseShaleketi, ngasemendweni owenyukayo, abalindi ngabalindi.

17. Ngasempumalanga ayekhona amaLevi ayisithupha, ngasenyakatho emane ngosuku, ngaseningizimu emane ngosuku, nasenqolobaneni emabili ngamabili.

18. EParibari ngasentshonalanga ayemane emendweni, naseParibari uqobo ayemabili.

19. Yilezo ezaziyizigaba zabalindisango emadodaneni amaKorahi nasemadodaneni kaMerari.

20. KumaLevi u-Ahiya wayephethe ingcebo yendlu kaNkulunkulu nengcebo yezinto ezingcwele.

21. Amadodana kaLadani, amadodana kaGereshoni akwaLadani, izinhloko zawoyise zakwaLadani umGereshoni, amaJehiyeli,

22. amadodana amaJehiyeli, oZethamu noJoweli umfowabo, ayephethe ingcebo endlini kaJehova.

23. Kuma-Amramu, nakumaJisihari, nakumaHebroni, nakuma-Uziyeli,

24. uShebuweli indodana kaGereshomu kaMose wayengumphathisikhwama.

25. Abafowabo: ku-Eliyezeri: nguRehabiya indodana yakhe, noJeshaya indodana yakhe, noJoramu indodana yakhe, noZikiri indodana yakhe, noShelomoti indodana yakhe.

26. Yena uShelomoti nabafowabo babephethe yonke ingcebo yezinto ezingcwele ezangcweliswa nguDavide inkosi, nezinhloko zawoyise, nezinduna zezinkulungwane nezamakhulu, nezinduna zempi.

27. Empini nasempangweni bakungcwelisela ukulungisa indlu kaJehova,

28. kanye nakho konke uSamuweli umboni, noSawule indodana kaKishi, no-Abineri indodana kaNeri, noJowabe indodana kaSeruya ababekungcwelisile; yilowo nalowo owayengcwelisile okuthile, kwaba phansi kwesandla sikaShelomoti nabafowabo.

29. KumaJisihari uKhenaniya namadodana akhe babephethe umsebenzi ongaphandle kwa-Israyeli, beyizinduna nabahluleli.

1 Izikronike 26